Pro Blogger Templates

Nginguthandiwe ~ Thinah Zungu[Mp3 download & Lyrics]

 



LISTEN BELOW!!

Artist: Thinah Zungu

Song: Nginguthandiwe






Lyrics

Ngenzelw'inceba nje
Ngifumen'umusa
Ngase ngiphiwa igama elisha
Nginguthandiwe


Hayi ngoba ngingcono (Ngenzelw'inceba nje)
Hayi ngoba ngenze kahle (Ngifumen'umusa)
Ukuthi nje ngithandiwe (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Hayi uthandiwe (Nginguthandiwe)


Hayi ngoba ngingcwele (Ngenzelw'inceba nje)
Nami ngiyahluleka endleleni (Ngifumen'umusa)
Ukuthi nje ngithandiwe (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Hayi uthandiwe (Nginguthandiwe)


Nami nginamaphutha ami (Ngenzelw'inceba nje)
Kodwa inkosi ayingibaleli wona (Ngifumen'umusa)
Ngithandiwe (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Hayi uthandiwe (Nginguthandiwe)


Sikhathi eside
Bengihlupheka
Bebengihleka
Nengazalwa nabo


Bengifuna uthando nje
Kodwa ngathol'okungaphezulu kwalo
Ngaze ngaphiwa negama elisha yeah
Ngingithandiwe


Ningibona ngila (Ngenzelw'inceba nje)
Hayi ngoba ngingcono (Ngifumen'umusa)
Ngiphiwe igama elisha (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Ngithandiwe emazulwini (Nginguthandiwe)


Ngithandwe nokwehluleka kwami (Ngenzelw'inceba nje)
Langibhek'izulu ke (Ngifumen'umusa)
Ngithandiwe ngithandiwe (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Ayi ngithandiwe (Nginguthandiwe)


Ngithandwe ngingena mali ke (Ngenzelw'inceba nje)
Ngithandwe ngibuthakathaka (Ngifumen'umusa)
Ngithandiwe emazulwini (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Oh ngithandiwe (Nginguthandiwe)


Ngithandwe ngingena mali ke (Ngenzelw'inceba nje)
Ngithandiwe ngihlupheka nje (Ngifumen'umusa)
Oh ohh (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Oh ngithandiwe (Nginguthandiwe)


Intoni iqhawe elinamandla ke
Hamba ngalamandla onikiwe wona
Yiza noba unovalo ke baba
Kodwa uyafuneka empini


Laze lakuthanda izulu
Laze lakunika amandla amasha ke
Waze waphiwa negama elisha
Ungu thandiwe


Uthandiwe emazulwini (Ngenzelw'inceba nje)
Uthandiwe noba ubuthakathaka (Ngifumen'umusa)
Uyakuthanda uJesu (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Hayi wena uthandiwe (Nginguthandiwe)


Nami ngithandwe ngihluleka mina (Ngenzelw'inceba nje)
Langithanda izulu ke (Ngifumen'umusa)
Hayi ngoba ngingcono (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Ukuthi ngithandiwe (Nginguthandiwe)


Ngithandiwe (Ngifumen'umusa)
Ngithandiwe emazulwini (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Nawe ungathandwa ngalo musa (Nginguthandiwe)


UJesu ukhona
Jesu uyakuthanda (Ngenzelw'inceba nje)
(Ngifumen'umusa)
Ngithandiwe (Ngase ngiphiwa igama elisha)
Nawe uthandiwe (Nginguthandiwe)


Save That Name Mp3


Sharing is caring💓



Previous Post Next Post